Open Education Resources (OER) Sociology
Permanent URI for this collection
Browse
Recent Submissions
Item Inkolelo yokuphila ungunaphakade e-Alkabulan [Afrika]: Umnyombo wesakhiwo sendilinga/iqhugwane/ uguqasithandaze(Unisa, 2018-08-06) Mthembu, NtokozoNgokufingqiwe Ukuqhoqhobalwa kwezwekazi i-Alkabulan ngamazwe aseNtshonalanga kubonakala ekukhiqizweni komnotho kanye nolwazi ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokhu kubonakala lapho ulwazi, nezilimi kanye nendlela yokubuka ngeso laseNtshonalanga kuphoqelekile futhi kugcizelelwa kwizifundo zobuchwepheshe. Lesisimo sinomthelela ekutheni abantu base-Afrika kanye nabafundi kwizikhungo eziphakeme bazibandakanye kumbhedukazwe obizwa ngokuthi i-#Ushintsho kuhla lokufunda [#Curriculum Transformation]. Leliphepha limayelana nokubuyekezwa kwezindlela zesintu zokuhlaziya kanye namasu okumele asetshenziswe ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu ye-Alkabulan. Lokhu kuzokwenziwa ngokuba kubhekwe indlu yendilinga yona eyisakhiwo esiphambili e-Alkabulan njengesu lokuzibuyekeza kokuzazi kwabantu abamnyama.Item Ukusebenzisa indlela eyinqubo-mgomo yase-Afrika yokucwaninga isimo kanye nempilo yomuntu(2018-07-03) Mthembu, NtokozoLeliphepha limayelana nenqubo ekumele ilandelwe uma kuchazwa noma kucwaningwa ngesimo noma ingani ephathelene nabantu baseAfrika futhi ebukeka kuyindlela engahambisani nezindlela ezilandelwayo njengamanje. Leliphepha lizoqala, ngokubheka indlela esetshenziswa umuntu ngamunye uma ezama ukuqonda ngesimo akazithola ephila kusona, njengoba kujwayelekile ukuthi uqala ukulandela indlela akahlangabezana nayo njengokuqonda isimo azithola ekusona futhi kuba umkhawulo wocwaningo. Okwesibili, lizobheka isisekelo sohlaka lokucwaninga yaseKhushi esetshenzisiwe kuleliphepha. Okwesithathu lizobheka ukubuyekezwa kwenqubo yokuhlaziya ka-Djehowtey nemisebenzi yakhe. Okokugcina, lizobheka imigomo elandelwayo uma kusebenzisa imisebenzi kaDjehowtey. Ekugcineni lizophetha ngokubuyekeza kafishane obekushiwo iphepha.